Ungalinge uye kuluphi naluphi uhlobo lwezocansi noma (ìndlwabe/skomora) kuze kufike amaviki ayisithupha emuva kwe-circumcision. Emva kwalokho kuzomela usebenzise i-condom ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Lokhu kwenzelwa ukuthi isitho sakho sangasese siphole ngokuphelele nokuvikela isilonda ekumoshakaleni. Kubalulekile futhi ekusulekeni nasekutholeni izifo ezisulelana ngezocansi (sexually transmitted infections) kanye ne-HIV/AIDS. Khumbula, ngezocansi eziphephile okumele zisetshenziswe ukuvikela wena ukuze ungatholi i-HIV (kubandakanya nokusebenzisa i-condom).
Amalanga akho okuvakashela emtholampilo
Ukuvakasha kwakho kuyoba ngemuva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu emva kwe-circumcision yakho. Uyacelwa ukuba ungeqisi amalanga akho okuvakashela emtholampil, kubalulekile ukuze uhlolwe ngudokotela noma umhlemgikazi oqeqeshiwe.
IZIFUNDO NGOKUGEZWA KWESILONDA NGEMUVA KOKUSOKWA
Ukulungiselela ukugeza isilonda.
Hlanganisa amatisipuni amabili osawoti enkomishini eyodwa yamanzi afudumele.( inkomishi ngayinye ihambisana namatisipuni amabili kasawoti)